UMLAYEZO KA KHANGELANI:

Balandeli lindelani okukhulu kunalokhu ngoba lokhu esisakwenzile kuncane. Sibona sengathi nithukile najabula kakhulu kanti kusekuncane lokhu sisazoyishaya ngempela thina ingoma ngoba asiyikopeli kumuntu sishaya le esazalwa nayo impela.

 

UMLAYEZO KA MZOO:

Uma ungumlandeli woSaziwayo ngithi kuwe ziqhenye kakhulu ngathi ngoba sisazoqhubeka sikwenze futhi kuzoba ngaphezulu kwalokhu esikwenze ngo 2012. Indlela enikwamukele ngayo lokhu esikwenzile kukhomba ukuthi kukude la kusayiwa khona. Sisazoqhubeka siyishaye ingoma futhi asigcinile ukukhipha ngaleli qembu loSaziwayo aseza namanye amaqembu. Uma uthanda thina sithande nje ngokweqiniso ungasabi nokutshela abantu ukuthi ungumlandeli woSaziwayo.

 

UMLAYEZO KA SONAKALI:

Lokhu esikwenze kulo nyaka ka 2012 bekusewukubhula amazolo nje ukuthi sinivezele ukuthi kukhona esikuphethe kodwa okuningi kuseza, futhi nomgodla esicaphuna kuwona mningi futhi ungowethu asifani nomuntu ocaphuna emgodleni okungewona owakhe ozothi uyacaphuna ngelinye ilanga athole sewuvalekile. Lokhu esikwenzayo kusuka emqondweni wethu nasezinhlizweni zethu akukho nokukodwa okuwumkonkothelo. Umculo yinto esegazini kithi.

 

 

SICELA IVOTI LAKHO:

SMS uthi SATMA Best Newcomer Osaziwayo to 34066

 

 

 

 

 

This free website was made using Yola.

No HTML skills required. Build your website in minutes.

Go to www.yola.com and sign up today!

Make a free website with Yola