OSAZIWAYO

Obani Osaziwayo?

Osaziwayo iqembu elisha lika Maskandi elakhiwe izinsizwa ezintathu esezimnkantshubovu endimeni yezomculo. Leli qembu lakhiwe uKhangelani Mhlongo, uMzovukile Khanyeza no Sifiso Zondi. Zontathu lezi zinsizwa zisebenze kakhulu neNkosi kaMaskandi uKwakhe "Mgqumeni" Khumalo owadlula emhlabeni mhlaka 19 December 2009.

Bobathathu bangene ngaye uMgqumeni emculweni, basebenzisana naye emaqenjini ahlukene kwaze kwaba ukuphela kwezinsuku zakhe emhlabeni. Leli qembu elisha libizwe ngokuthi Osaziwayo ngoba vele lakhiwe abantu abaziwayo emculweni kaMaskandi, akekho umutnu ongawazi amagalelo abo endimeni yomculo. Uma ungumlandeli womculo kamaskandi uyazi ukuthi kukhona uKhangelani, uSonakali no Mzo...bayaziwa!

 

 Kungani sisebenze sibathathu?

Sikhethe ukuthi sibe Osaziwayo sobathathu ngoba vele besisebenza sobathathu sikanye noMgqumeni sihlangene ngokwemimoya nangezinhliziyo. Kwasa bona laba abasiphuce amaqembu kaMgqumeni basifice vele sikhona sobathathu eqenjini likaMgqumeni bafikela ngaphansi kwethu. Emva kokuhamba kukaMgqumeni babe sebesibandlulula-ke ngoba bona behlobene ngokwenyama thina sihlobene ngezinhliziyo, bafuna ukusiphatha sangavuma ukuthi siphathwe yibona ngoba abazi lutho vele ngomculo. Sakhethana sobathathu ngoba sinolwazi olunzulu ngomculo hhayi laboMafikizolo laba.

Kube yinhlanhla ukuthi basixoshe ngoba vele baxoshe abantu abazwanayo sase sisihlonipha leso sinqumo sabo senza okwethu sisobathathu, esikubona engathi kuyimpumelelo futhi njengamanje. Impumelelo siyayibona ngeke sikhombane ngeminwe ngoba asizona izingane, zifikile izingane zasikhomba ngeminwe ngoba zibona ukuthi sezingenza kangcono kunathi. Angeke sehle kuleli zinga esikulona ngoba abantu basazi kakhulu kuMgqumeni njengoba besivela emaqenjini ehlukene. UKhangelani ubevela kuMagcokama, uSonakali evela kwaBakwethu, uMzoo evela koGezoo okukhomba ukuthi besinegalelo elikhulu nakuye uMgqumeni.

 

SICELA IVOTI LAKHO:

SMS uthi SATMA Best Newcomer Osaziwayo to 34066

 

 

@OsaziwayoMusic

Twitter: @OsaziwayoMusic 

 Sithole enkundleni yezokuxhumana iFacebook:

OSAZIWAYO { KHANGELANI ,MZOO ,SONAKALI } FAN GROUP

 

 

 
 
 

This free website was made using Yola.

No HTML skills required. Build your website in minutes.

Go to www.yola.com and sign up today!

Make a free website with Yola