KHANGELANI "SODUBULANA" MHLONGO

Sanibona balandeli bomculo, igama lami ngiwu Khangelani Mhlongo, abanye-ke bangazi ngelika Sodubulana. Ngizalwe mhlaka 22 kuMarch ngo 1980. Ngizalelwe eNkandla, eQhudeni. Abazali bami uNomkhosi Mhlongo kanye noMandla Mhlongo kanti ngingowokuqala ezinganeni zakwethu ezine. Emculweni ngingene ngonyaka ka 2001 ngiyingxenye yeqembu uBuhle beGubazi. Ngo 2003 ngibe sengiba yingxenye yeqembu Amagcokama, sasebenzisana noMgqumeni waze wadlula emhlabeni. Angiphelanga amandla ngoba ngo 2010 laphuma icwecwe elithi "Uhlal'ekhweni", ngo 2011 laphuma elalithi "i-Overload" okwaba i-Album yokugcina yaMagcokama abe eseyaphela-ke Amagcokama.

 

MZOVUKILE "JAIVA" KHANYEZA

Ngiyanibingelela nonke, ngiwuMzovukile Khanyeza odume ngelika Jaiva. Ngizalwe mhlaka 5 kuSeptember 1986. Ngizalelwe eNquthu, eMsamo. Umama ongizalayo uLindeni Khanyeza, ubaba uLamulani Khanyeza. Mina ngingowesihlanu ezinganeni eziyisishiyagalombili zakwethu. Ngiqale ukusebenza noMgqumeni ngo 2004 waze wadlula emhlabeni ngisebenzisana naye. Bengivela eqenjini loGezoo, kanti ngisishayile nesigingci eqenjini Amagcokama njengoba sengisishaya koSaziwayo.

 

SIFISO "SONAKALI" ZONDI

Sanibonani nonke bathandi bomculo nibingelelwa uSifiso Zondi odume ngelikaSonakali. Mina ngizalelwe eMsinga, eMabomvini, eNzala mhlaka 16 January 1980.  Umama wami uMantombi Zondi, ubaba uMfana Zondi mina-ke ngingowokuqala ezinganeni ezintathu. Ngiqale ukusebenza noMgqumeni ngo 2003 eqenjini Amagcokama, okuyiqembu engsebenze kulo kwaze kwaba u2011. Ngiphinde ngasebenza eqenjini Abakwethu kusukela ngo2004. Njengamanje ngiyingxenye yeqembu elisha Osaziwayo esibambisene kulo sino Khangelani kanye noMzoo.

 

ABAGIDAYO:

  • Khayelihle "Mjovo" Ximba
  • Nkululeko "Makhathoni" Mbatha
  • Thokozani "Gunman" Zindela
  • Njabulo "Mbheshe" Magwaza
  • Siyanda "Rocks" Sikhosana
  • Mthethuyehlula "Zombezi" Njoko
  • Simphiwe "Maqatha" Sikhakhane
  • Cabanga "Nqondo" Mabaso
  • Sihle "S'kheshe" Sithole
  • Siphamandla "Magayifohlo" Kunene
  • Mxolisi "Zibi" Buthelezi
  • Mthunzi Shange
  • Sikhumbuzo "Dliviza" Dladla
  • Zweli "Somjumase" Xulu

 

This free website was made using Yola.

No HTML skills required. Build your website in minutes.

Go to www.yola.com and sign up today!

Make a free website with Yola